15. Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini,inqaba yaseGibithe,nginqume isixuku saseNo.
16. Ngiyakuphemba umlilo eGibithe,iSini libe nemihelo emikhulu,iNo lifohlwe,iNofi lihlaselwe emini.
17. Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,imizi iye ekuthunjweni.
18. EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;lona-ke, ifu liyakulisibekela,namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.
19. Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,bazi ukuthi nginguJehova.’ ”
20. Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
21. “Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.