Uhezekeli 30:10-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngiyakuqeda isixuku saseGibithengesandla sikaNebukadinesari,inkosi yaseBabele.

11. Yena nabantu bakhe kanye naye,abesabekayo bezizwe,bayakulethwa ukuba bachithe izwe,bahoshele iGibithe izinkemba zabo,bagcwalise izwe ngabagwaziweyo.

12. Ngiyakwenza imifula ishe,ngithengise ngezwe esandleni sababi,ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi;mina Jehova ngikukhulumile.

13. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngiyakuzichitha izithombe,ngiqede onkulunkulu eNofi;akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe,ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.

14. Ngiyakwenza ize iPhatirosi,ngiphembe umlilo eSowani,ngenze ukwahlulela eNo.

15. Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini,inqaba yaseGibithe,nginqume isixuku saseNo.

16. Ngiyakuphemba umlilo eGibithe,iSini libe nemihelo emikhulu,iNo lifohlwe,iNofi lihlaselwe emini.

17. Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,imizi iye ekuthunjweni.

18. EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;lona-ke, ifu liyakulisibekela,namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.

19. Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

20. Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

21. “Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.

22. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.

23. Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.

24. Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.

25. Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.

26. Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”

Uhezekeli 30