Uhezekeli 30:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Hhewulani, nithi:“Wo ngalolo suku!”

3. Ngokuba usuku luseduze,usuku lukaJehova luseduze;luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.

4. Inkemba iyakulehlela iGibithe,kube yimihelo eKushe,lapho abagwaziweyo bewa eGibithe;bayakususa ingcebo yalo,kudilizwe izisekelo zalo.

5. IKushe, noPhuthi, noLude,nayo yonke ingxubevange yezizwe,neKhubi, nabamazwe ahlangeneyo bayakuwa nabo ngenkemba.

6. “ ‘Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Nabo abaliphasa iGibithe bayakuwa,ukukhukhumala kwamandla alo kuyakwehla;kusukela eMigidoli kuze kube seSevenebayakuwa kulo ngenkemba,isho iNkosi uJehova.

7. “ ‘Bayakuchithakala phakathi kwamazwe achithekileyo,imizi yalo ibe phakathi kwemizi echithekileyo.

8. Bayakwazi ukuthi nginguJehova,lapho sengiphembe umlilo eGibithe,bachotshozwe bonke abasizi balo.

9. “ ‘Ngalolo suku kuyakuphuma izithunywa phambi kwami ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokwethemba, kube yimihelo phezu kwawo ngosuku lweGibithe, ngokuba bheka, luyeza.

Uhezekeli 30