Uhezekeli 3:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. kungekubantu abaningi abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, ongawezwa amazwi abo. Impela uma bengikuthume kubo, bona babeyakukuzwa.

7. Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.

8. Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo.

9. Ngenze ibunzi lakho njengedayimani,* elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.”

10. Futhi wathi kimi: “Ndodana yomuntu, onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho, uzwe ngezindlebe zakho.

11. Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakho, ukhulume kubo, uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova,’ noma bezwa noma benganaki.”

12. Wayesengiphakamisa uMoya, ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;”

13. nomsindo wamaphiko ezidalwa athintanayo, nomsindo wamasondo eceleni kwazo, umsindo wokukhulu ukuduma.

14. UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.

15. Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari, lapho babehlala khona; ngahlala khona phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.

16. Kwathi ekugcineni kwezinsuku eziyisikhombisa izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

17. “Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.

Uhezekeli 3