Uhezekeli 3:24-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: “Hamba uzivalele endlini yakho.

25. Kepha wena ndodana yomuntu, bheka, bayakufaka amagoda kuwe, bakubophe ngawo; awuyikuphumela phakathi kwabo.

26. Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

27. Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova.’ Ozwayo makezwe, onganakiyo kayeke, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

Uhezekeli 3