15. Liyakuba phansi emibusweni, alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe.
16. Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”
17. Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
18. “Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona.
19. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, izwe laseGibithe; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe.