Uhezekeli 28:20-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

21. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo,

22. uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,bazi ukuthi nginguJehova,lapho ngenza ukwahlulela kulo,ngingcweliswe phakathi kwalo.

23. Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalongenkemba ephezu kwalo nxazonke,bazi ukuthi nginguJehova.

24. “ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

25. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.

Uhezekeli 28