1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile,wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkuluenhliziyweni yolwandle,”ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu,noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu
3. bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli,ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;
4. ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakhouzizuzele imfuyo,wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;
5. ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthengawandisile imfuyo yakho;inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.
6. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngenxa yokuba umisile inhliziyo yakhonjengenhliziyo kaNkulunkulu,
7. ngalokho bheka,ngiyakukwehlisela abafokazi,abesabekayo bezizwe;bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakhoizinkemba zabo,bangcolise ukukhazimula kwakho.
8. Bayakukwehlisela egodini,ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.
9. Usasho phambi kokubulalayo ukuthi:“Ngingunkulunkulu mina,”ingani ungumuntu,ungesiye uNkulunkulu,esandleni sokugwazayo, na?
10. Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi,ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”
11. Izwi likaNkulunkulu lafika kimi, lathi:
12. “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngenkosi yaseTire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Wawuluphawu lokupheleleyo;wawugcwele ukuhlakanipha,wawuphelele ngobuhle.
13. Wawuse-Edene,insimu kaNkulunkulu;onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho,isardiyu,* netopazi,* nedayimani,*neshohamu,* nejaspi,* nesafire,*nesimaragidu,* nekrisolithe;*nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide,zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.