19. “ ‘IVedani neJavani enana impahla yakho ngotwayibana; insimbi ekhandiweyo, nekasiya,* nomhlanga kwakuphakathi kwempahla yakho.
20. “ ‘IDedani lalingumthengi wakho ngezindwangu ezinhle zokugibela.
21. “ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.
22. “ ‘Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho, benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili, nangawo onke amatshe anqabileyo, nangegolide.
23. “ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho.
24. Bona babe ngabathengi bakho ngempahla enhle, ngezambatho eziluhlaza nezifekethisiweyo, nangezindwangu ezimibalabala, nangezintambo ezalukiweyo eziqinileyo, ezindaweni zakho zokuthengelana.
25. “ ‘Imikhumbi yaseTharishishi yayihambisa impahla yakho.Wagcwaliswa, wadunyiswa kakhulu enhliziyweni yolwandle.
26. Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi;umoya wasempumalanga wawusukwaphulausenhliziyweni yolwandle.
27. Ingcebo yakho, nempahla yakho,nentutho yakho,amatilosi* akho, nabashayeli bakho,abavimbi zimfa bakho, nabaphathi bakho bokuthenga,nawo onke amadoda akho empi akuwe, naso sonke isixuku esiphakathi kwakhokuyakuwela enhliziyweni yolwandle ngosuku lokuwa kwakho.
28. Ngezwi lokukhala kwabashayeli bakho amaza ayazamazama.
29. Bonke ababambe amaphini,amatilosi* nabo bonke abashayeli baselwandle,bayakwehla emikhunjini yabo,beme emhlabathini,
30. bezwakalise izwi labo phezu kwakho,bakhale ngomunyu,bathele uthuli emakhanda abo,bahuquzele emlotheni,
31. baziphucule izimpandla ngenxa yakho,babhince izindwangu zamasaka,bakukhalele izinyembezi ngomunyu womphefumulo.
32. Ekulileni kwabo bayakwenza isililiselo ngawe,bakulilele, bathi:“Ngubani onjengeTire,njengalo eselithulisiwe phakathi kolwandle, na?”