Uhezekeli 27:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “ ‘ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini* nangomthofu.

13. “ ‘IJavani noThubali noMesheke bona babe ngabathengi bakho, benana abantu boqobo nezitsha zethusi ngempahla yakho.

14. “ ‘Abendlu yaseThogarma benana impahla yakho ngamahhashi nangamahhashi empi nangeminyuzi.*

15. “ ‘Abantu baseDedani babe ngabathengi bakho, iziqhingi eziningi zaziyizindawo zokuthengelana zesandla sakho; babuyisela kuwe uphondo lwendlovu ne-eboni,* kwaba yisipho sakho.

16. “ ‘I-Aramu lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho; benana impahla yakho ngama-emeralidu,* nangokububende, nangokufekethisiweyo, nangelineni elicolekileyo, nangekorali,* nangamarubi.*

17. “ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*

18. “ ‘IDamaseku lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho, ngobuningi bayo yonke ingcebo, linewayini laseHeliboni noboya obumhlophe bezimvu.

19. “ ‘IVedani neJavani enana impahla yakho ngotwayibana; insimbi ekhandiweyo, nekasiya,* nomhlanga kwakuphakathi kwempahla yakho.

20. “ ‘IDedani lalingumthengi wakho ngezindwangu ezinhle zokugibela.

21. “ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.

22. “ ‘Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho, benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili, nangawo onke amatshe anqabileyo, nangegolide.

23. “ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho.

Uhezekeli 27