Uhezekeli 26:20-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basendulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba kanye nabehlela egodini njengasezindaweni ezichithekileyo kwasendulo, ukuze ungahlalwa, ngisabeka udumo ezweni labaphilayo.

21. Ngiyakukwenza incithakalo, ungabe usabakho; uyakufunwa, kepha awusayikufunyanwa kuze kube phakade, isho iNkosi uJehova.”

Uhezekeli 26