Uhezekeli 25:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,

7. bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”

8. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe,”

9. bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi, kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi,

10. ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa-Amoni, ube yifa labo, ukuze abantwana bakwa-Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe,

11. ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

12. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba u-Edomi ephathe indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo,

13. ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani.

14. Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.’ ”

15. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba amaFilisti enze impindiselo, ephindisele nokuphindisela ngamafundululu emphefumulweni ukuchitha ngobutha obungapheliyo,

16. ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.

17. Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.’ ”

Uhezekeli 25