Uhezekeli 24:5-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Thatha okukhethekileyo komhlambi,ubungele izinkuni phansi kwalo,ulibilise nokulibilisa,kuphekwe namathambo phakathi kwalo.

6. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi,kulo ikhanzi elinokugqwala,nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo!Khipha kulo izinqamu ngezinqamu;alidliwanga yinkatho.

7. “ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo;wazibeka edwaleni eliyinyabule;akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.

8. Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo,ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabuleukuba zingasitshekelwa.

9. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi!Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.

10. Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo,uqede inyama, wome umhluzi,amathambo ashiswe.

11. Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho,ukuze lishise, kushe ithusi lalo,kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwaloukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.

12. Ngizikhathazile ngeze,nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo;ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.

13. “ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.

14. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”

15. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

16. “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla.

17. Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”

18. Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.

19. Abantu bathi kimi: “Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina, njengokuba wenze njalo, na?”

20. Ngathi kubo: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

21. Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.

Uhezekeli 24