Uhezekeli 24:13-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.

14. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”

15. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

16. “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla.

17. Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”

18. Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.

19. Abantu bathi kimi: “Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina, njengokuba wenze njalo, na?”

20. Ngathi kubo: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

21. Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.

22. Niyakwenza njengami: aniyikumboza amadevu enu, ningadli isinkwa sabantu.

23. Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu, nibubulelane omunye nomunye.

24. UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakwenza njengakho konke ukwenza kwakhe; lapho kufikile lokhu, niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’

25. “Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo,

26. ngalolo suku obalekayo uyakufika kuwe, akuzwise lokhu ngezindlebe zakho, na?

Uhezekeli 24