13. “ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.
14. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”
15. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
16. “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla.
17. Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”
18. Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.
19. Abantu bathi kimi: “Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina, njengokuba wenze njalo, na?”
20. Ngathi kubo: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
21. Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.
22. Niyakwenza njengami: aniyikumboza amadevu enu, ningadli isinkwa sabantu.
23. Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu, nibubulelane omunye nomunye.
24. UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakwenza njengakho konke ukwenza kwakhe; lapho kufikile lokhu, niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’