Uhezekeli 24:10-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo,uqede inyama, wome umhluzi,amathambo ashiswe.

11. Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho,ukuze lishise, kushe ithusi lalo,kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwaloukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.

12. Ngizikhathazile ngeze,nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo;ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.

13. “ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.

14. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”

15. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

16. “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla.

17. Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”

18. Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.

19. Abantu bathi kimi: “Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina, njengokuba wenze njalo, na?”

20. Ngathi kubo: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Uhezekeli 24