1. Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolo suku; inkosi yaseBabele ihlasele iJerusalema ngalolu suku.
3. Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Beka ikhanzi, libeke,uthele amanzi kulo,
4. uqoqele kulo izinqamu zalo,zonke izinqamu ezinhle,ithanga nehlombe,uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.
5. Thatha okukhethekileyo komhlambi,ubungele izinkuni phansi kwalo,ulibilise nokulibilisa,kuphekwe namathambo phakathi kwalo.
6. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi,kulo ikhanzi elinokugqwala,nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo!Khipha kulo izinqamu ngezinqamu;alidliwanga yinkatho.
7. “ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo;wazibeka edwaleni eliyinyabule;akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.
8. Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo,ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabuleukuba zingasitshekelwa.
9. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi!Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.
10. Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo,uqede inyama, wome umhluzi,amathambo ashiswe.
11. Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho,ukuze lishise, kushe ithusi lalo,kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwaloukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.
12. Ngizikhathazile ngeze,nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo;ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.
13. “ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.
14. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”
15. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: