Uhezekeli 23:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.

9. “Ngalokho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, isandla sabase-Asiriya abakhanukelayo.

10. Bona bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe; yena bambulala ngenkemba, waba yisaga phakathi kwabesifazane, lapho kwenziwa ukwahlulelwa kuye.

11. “Udadewabo u-Oholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo.

12. Wakhanukela abase-Asiriya, izinduna nababusi, abakhelwane, ababembethe kahle kakhulu, beyizinkweli ezikhwele amahhashi, zonke ziyizinsizwa ezinxanelekayo.

13. Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.

14. “Wengezela ebufebeni bakhe, ngokuba wabona amadoda ayedwetshwe odongeni, imifanekiso yamaKaledi eyayilotshwe ngebomvu,

Uhezekeli 23