Uhezekeli 23:40-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. “Futhi nithumele amadoda avela kude, okwathunywa kuwo isithunywa; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho, wazivunulisa ngezivunulo,

41. wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.

42. “Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo.

43. Ngase ngithi ngaye ophelile ekufebeni: ‘Impela bayakufeba naye, yebo, naye,’ na?

44. Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni; bangena kanjalo ko-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.

45. Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.

46. “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubenyusela isixuku, ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango.

47. Isixuku siyakubakhanda ngamatshe sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sishise izindlu zabo ngomlilo.

48. “Ngiyakuqeda ukukhanuka ezweni, baxwayiswe bonke abesifazane ukuba bangenzi njengokukhanuka kwenu.

49. Bayakwehlisela ukukhanuka kwenu phezu kwenu, nithwale izono zezithombe zenu, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.”

Uhezekeli 23