27. Ngiyakuqeda kuwe ukukhanuka kwakho nobufebe bakho basezweni laseGibithe, ungabe usaphakamisa amehlo akho kubo, ungabe usalikhumbula iGibithe.
28. “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukunikela esandleni sabo obazondayo, esandleni sabo umphefumulo wakho owahlukene nabo,
29. bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho.
30. Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba, wangcoliswa ngezithombe zabo.
31. Uhambile ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.
32. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Uyakuphuza indebe kadadewenu ejulileyo, ebanzi,ube yinhlekiso nosulu;ifumbethe okuningi.
33. Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi:ngendebe yesimangaliso neyencithakalo,indebe kadadewenu iSamariya.
34. Uyakuyiphuza, uyikhame,ugedle izindengezi zayo,uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.
35. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”
36. Wayesethi uJehova kimi: “Ndodana yomuntu, uyakwahlulela o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke izinengiso zabo.
37. Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona, abe ngukudla kwazo.
38. Futhi benza lokhu kimi: ngalona lolo suku abangcolisa ngalo indlu yami engcwele bawona namasabatha ami.
39. Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangena, ngalona lolo suku, endlini yami engcwele ukuyingcolisa. Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.
40. “Futhi nithumele amadoda avela kude, okwathunywa kuwo isithunywa; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho, wazivunulisa ngezivunulo,
41. wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.
42. “Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo.
43. Ngase ngithi ngaye ophelile ekufebeni: ‘Impela bayakufeba naye, yebo, naye,’ na?
44. Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni; bangena kanjalo ko-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.