16. Ekubaboneni kwamehlo akhe wabakhanukela, wathuma kubo izithunywa eKalideya.
17. Amadodana aseBabele afika kuye embhedeni wothando, amngcolisa ngobufebe bawo; esengcolisiwe yiwo umphefumulo wakhe wahlukana nawo.
18. Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wase wahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo.
19. Kepha wandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe afebe ngazo ezweni laseGibithe.
20. Wakhanukela amashende akhona, anyama yawo injengenyama yezimbongolo, namaphambili awo anjengawamahhashi.