Uhezekeli 23:12-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Wakhanukela abase-Asiriya, izinduna nababusi, abakhelwane, ababembethe kahle kakhulu, beyizinkweli ezikhwele amahhashi, zonke ziyizinsizwa ezinxanelekayo.

13. Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.

14. “Wengezela ebufebeni bakhe, ngokuba wabona amadoda ayedwetshwe odongeni, imifanekiso yamaKaledi eyayilotshwe ngebomvu,

15. ebhince amabhande* okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya.

16. Ekubaboneni kwamehlo akhe wabakhanukela, wathuma kubo izithunywa eKalideya.

17. Amadodana aseBabele afika kuye embhedeni wothando, amngcolisa ngobufebe bawo; esengcolisiwe yiwo umphefumulo wakhe wahlukana nawo.

18. Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wase wahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo.

19. Kepha wandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe afebe ngazo ezweni laseGibithe.

20. Wakhanukela amashende akhona, anyama yawo injengenyama yezimbongolo, namaphambili awo anjengawamahhashi.

21. Walangazelela ukukhanuka kobusha bakho ekucindezelweni kwezingono zakho ngabaseGibithe ngenxa yobusha bamabele akho.

22. “Ngalokho-ke, Oholiba, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho osahlukene nazo, ngiziyise kuwe nxazonke,

23. abaseBabele, nawo onke amaKaledi, iPhekodi, neShowa, neKhowa, nabo bonke abase-Asiriya kanye nabo, izinsizwa ezinxanelekayo, izinduna, nababusi, nabakhulu, nezikhulu, nabadumileyo, bonke bekhwele amahhashi.

24. Bayakufika kuwe benezikhali, nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu, nezihlangu, nezigqoko nxazonke, nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.

25. Ngiyakubeka kuwe umhawu wami, bakuphathe ngokufutheka, basuse ikhala lakho nezindlebe zakho, abaseleyo bakho bawe ngenkemba; bayakuthatha amadodana akho amadodakazi akho, abaseleyo bakho badliwe ngumlilo.

26. Bayakukuhlubula izingubo zakho, basuse izivunulo zakho ezinhle.

27. Ngiyakuqeda kuwe ukukhanuka kwakho nobufebe bakho basezweni laseGibithe, ungabe usaphakamisa amehlo akho kubo, ungabe usalikhumbula iGibithe.

28. “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukunikela esandleni sabo obazondayo, esandleni sabo umphefumulo wakho owahlukene nabo,

29. bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho.

30. Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba, wangcoliswa ngezithombe zabo.

31. Uhambile ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.

Uhezekeli 23