Uhezekeli 22:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. ngegazi olichithileyo unecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile; usondezile izinsuku zakho, ufikile eminyakeni yakho; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.

5. Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.

6. “ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.

7. Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.

8. Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami.

9. Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.

10. Bahlubulile kuwe ubunqunu bukayise, bamona yena owayahlukene ekungcoleni kwakhe.

11. Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.

12. Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.

13. “ ‘Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho.

14. Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza.

15. Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngiqede ukungcola kwakho kuwe.

Uhezekeli 22