Uhezekeli 22:22-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”

23. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

24. “Ndodana yomuntu, yisho kuwo ukuthi: ‘Uyizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka.’

25. Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.

26. Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.

27. Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.

Uhezekeli 22