Uhezekeli 22:13-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “ ‘Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho.

14. Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza.

15. Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngiqede ukungcola kwakho kuwe.

16. Uyakungcoliswa phakathi kwakho emehlweni ezizwe; uyakwazi ukuthi nginguJehova.’ ”

17. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

18. “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi; bonke babo bayithusi nethini* nensimbi nomthofu phakathi kwesithando; bangamanyela esiliva.

19. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, ngiyakunibuthela phakathi kweJerusalema.

20. Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini* phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise.

21. Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe phakathi kwawo.

22. Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”

23. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

24. “Ndodana yomuntu, yisho kuwo ukuthi: ‘Uyizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka.’

25. Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.

Uhezekeli 22