Uhezekeli 21:23-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Kukubo njengokubhula kwamanga emehlweni abo, njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.

24. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngokuba nikhumbuzile ukona kwenu ekwambulweni kwezeqo zenu, ukuze izono zenu zibonakale kuzo zonke izenzo zenu, yebo, ngokuba senikhunjulwa, niyakubanjwa ngesandla.

25. “ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi,

26. isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.

27. Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.’

28. “Wena ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabantwana bakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: Thana wena:“ ‘Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi,

29. besakubonisa amanga, bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo, abalusuku lwabo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi.

30. Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni lokudabuka kwakho, lapho ngiyakukwahlulela khona.

31. Ngiyakuthulula phezu kwakho intukuthelo yami, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abayizingcweti zokuchitha.

32. Uyakuba ngukudla komlilo, igazi lakho libe phakathi kwezwe; awusayikukhunjulwa, ngokuba mina Jehova ngikhulumile.’ ”

Uhezekeli 21