Uhezekeli 21:2-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,

3. uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.

4. Ngenxa yokuba ngiyakunquma kuwe abalungileyo nababi, ngalokho inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo, iphumele inyama yonke kusukela eningizimu kuye enyakatho.

5. Yonke inyama iyakwazi ukuthi mina Jehova ngihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayikubuya.’

6. “Kepha wena ndodana yomuntu, bubula, ububule ngomunyu emehlweni abo ngokwaphuka kokhalo lwakho.

Uhezekeli 21