17. Ngiyakushayanisa izandla zami, ngiphumuze ukufutheka kwami; mina Jehova ngikhulumile.”
18. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
19. “Wena ndodana yomuntu, zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele, zombili ziphume ezweni linye, wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi.
20. Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.
21. Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini.
22. Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.
23. Kukubo njengokubhula kwamanga emehlweni abo, njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.
24. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngokuba nikhumbuzile ukona kwenu ekwambulweni kwezeqo zenu, ukuze izono zenu zibonakale kuzo zonke izenzo zenu, yebo, ngokuba senikhunjulwa, niyakubanjwa ngesandla.
25. “ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi,
26. isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.
27. Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.’
28. “Wena ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabantwana bakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: Thana wena:“ ‘Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi,