Uhezekeli 20:43-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. Niyakukhumbula khona izindlela zenu, nazo zonke izenzo zenu enizingcolise ngazo, ninengeke emehlweni enu ngakho konke okubi enikwenzileyo.

44. Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngisebenza kini ngokwegama lami kungengokwezindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezonakeleyo nina ndlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.’ ”

45. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

46. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseningizimu, izwi liconsele ngenzansi, uprofethe ngehlathi lasendle eningizimu,

Uhezekeli 20