24. ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise.
25. Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo.
26. Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.’
27. “Ngalokho, ndodana yomuntu, khuluma kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi.
28. Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.
29. Ngase ngithi kubo: Iyini indawo ephakemeyo eniya kuyo na?’ ” Lase libizwa igama layo ngokuthi indawo ephakemeyo kuze kube namuhla.
30. “Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?
31. Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.
32. “ ‘Okungenayo ezinhliziyweni zenu akuyikuba khona impela, lokhu enikushoyo ukuthi: “Siyakuba njengezizwe, njengemindeni yamazwe, ukuba sikhonze umuthi namatshe.”
33. Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.
34. Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo,
35. nginiyise ehlane labantu, ngahlulelane nani khona ubuso nobuso.
36. Njengalokho ngahlulelana nawoyihlo ehlane lezwe laseGibithe, kanjalo ngiyakwahlulelana nani, isho iNkosi uJehova.
37. Ngiyakunidlulisa phansi kwentonga, nginingenise phansi kwesibopho sesivumelwano,
38. ngihlunge kini abahlubuki nabeqayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli kodwa, nazi ukuthi nginguJehova.
39. “ ‘Nina ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe, kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.