Uhezekeli 20:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa-Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami.

2. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

3. “Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’

4. “Uma ubahlulela, uma ubahlulela, ndodana yomuntu, bazise izinengiso zawoyise,

5. uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.”

6. Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.

7. Ngathi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.”

8. “ ‘Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, abazishiyanga izithombe zaseGibithe; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe.

Uhezekeli 20