Uhezekeli 2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukubizwa kukaHezekeli

1. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.”

2. Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa owakhuluma kimi.

3. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.

4. Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’

5. Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.

6. Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

7. Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki.

8. Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

9. Ngase ngibheka, naso isandla saselulelwe kimi, naphakathi kwaso, bheka, ngumqulu wencwadi.

10. Waweneka phambi kwami; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: “Maye!”