4. Izizwe zezwa ngalo,labanjwa emgodini wazo;zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe.
5. “ ‘Nxa isilindile,yabona ukuthi ithemba layo liphelile;yathatha elinye lamawundlu ayo,yalenza ibhongo.
6. Lahambahamba phakathi kwezingonyama, liyibhongo;lafunda ukubamba impango,ladla abantu.
7. Labhidliza izinqaba zabo,lachitha imizi yabo,izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo.
8. Izizwe zase zilihlelela nxazonke,zivela emazweni,zeneka phezu kwalo inetha,labanjwa emgodini wazo.
9. Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe,zaliyisa enkosini yaseBabele,zalingenisa ezinqabeniukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.
10. “ ‘Unyoko wayenjengomvini,usahlezi ngokuthula,utshalwe ngasemanzini;wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.