9. ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.
10. “Uma ezala indodana engumphangi nomchithi wegazi, ikwenza okunye kwalokho,
11. yena engakwenzanga kodwa: Idla ezintabeni, ingcolisa umkamakhelwane wayo,
12. icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;
13. inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.
14. “Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo, ibone ingenzi njengazo:
15. Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;
16. ingacindezeli muntu, ingamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.
17. Ibuyisa isandla sayo kwabampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami. Yona ayiyikufa ngokona kukayise, iyakuphila nokuphila.
18. Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakhe, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.
19. “Kepha nithi: ‘Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na?’ Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, iyakuphila nokuphila.
20. Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba phezu kwakhe.
21. “Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
22. Iziphambeko zakhe, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulelwa kuye, aphile ngokulunga akwenzileyo.
23. Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?
24. “Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.