“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.