Uhezekeli 18:25-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. “Kodwa nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?

26. Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho, afe ngenxa yokubi akwenzileyo.

27. Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abenzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.

28. Ngokuba ebona, abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo, uyakuphila nokuphila, angafi.

Uhezekeli 18