Uhezekeli 18:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2. “Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi:“ ‘Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi,’ na?

3. “Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, akusayikubakho ukulinganisa ngalesi saga kwa-Israyeli.

4. Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami, umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.

5. “Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,

6. engadli ezintabeni, engaphakamisi amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, engangcolisi umkamakhelwane wakhe, engasondeli kowesifazane ekungcoleni kwakhe;

7. engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;

8. enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;

9. ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.

10. “Uma ezala indodana engumphangi nomchithi wegazi, ikwenza okunye kwalokho,

11. yena engakwenzanga kodwa: Idla ezintabeni, ingcolisa umkamakhelwane wayo,

12. icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;

Uhezekeli 18