Uhezekeli 17:4-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. lwanquma igatsha elisha eliphezulu, lwaliyisa ezweni labahwebi, lwalibeka emzini wabathengi.

5. “ ‘Lwathatha nasembewini yezwe, lwayitshala emhlabathini othelayo, lwayibeka ngasemanzini amaningi, lwayifaka njengomnyezane.

6. Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.

7. “ ‘Kepha kwakukhona nolunye ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe eziningi; bheka, lo mvini wabhekisa izimpande zawo kulo, waphumisela kulo amagatsha awo ukuba luwunisele kunemisele lapho wawutshalwe khona.

Uhezekeli 17