Kepha wahlubuka kuyo ngokuthuma izithunywa zakhe eGibithe ukuba aphiwe amahhashi nabantu abaningi. Uyakuphumelela, uyakubaleka yini owenzayo lokho, uyakusaphula isivumelwano, aphunyuke, na?