Uhezekeli 17:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, yisho imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,

3. uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu noluzimpaphe zalo zinkulu, lugcwele izimpaphe ezinemibala eyahlukeneyo, lweza eLebanoni, lwathatha isihloko somsedari*,

4. lwanquma igatsha elisha eliphezulu, lwaliyisa ezweni labahwebi, lwalibeka emzini wabathengi.

5. “ ‘Lwathatha nasembewini yezwe, lwayitshala emhlabathini othelayo, lwayibeka ngasemanzini amaningi, lwayifaka njengomnyezane.

6. Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.

Uhezekeli 17