Uhezekeli 16:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Wande njengehlumela lasendle; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka; amabele akho aphuhla, izinwele zakho zazimilile, kepha wawunqunu, wawuze.

8. “ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.

9. “ ‘Ngakugeza ngamanzi, ngahlanzisisa igazi lakho kuwe, ngakugcoba ngamafutha.

10. Ngakwembathisa imifekethiso, ngakufaka izicathulo zesikhumba samatahasi,* ngakubhincisa ilineni elicolekileyo, ngakusibekela ngosilika.*

11. Ngakuvunulisa ngezivunulo, ngafaka amasongo ezandleni zakho nomnaka entanyeni yakho.

12. Ngafaka icici emakhaleni akho, namagenqeza ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho.

13. Wawusuhlotshisiwe ngegolide nangesiliva, isambatho sakho sasiyileneni elicolekileyo, nosilika*, nemifekethiso; wadla impuphu ecolekileyo, nezinyosi, namafutha; wawumuhle kakhulu impela, wahlahlamela, waze wathola ubukhosikazi.

14. Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.

15. “ ‘Kepha wethemba ebuhleni bakho, wafebela igama lakho, wathululela bonke abadlulayo ubufebe bakho, baba ngobakhe.

Uhezekeli 16