19. Nesinkwa sami engangikunike sona, impuphu ecolekileyo, namafutha, nezinyosi engangikudlise khona, wakubeka phambi kwazo, kwaba yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.
20. “ ‘Wawathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawahlabela zona ukuba adliwe. Babubuncane ubufebe bakho
21. ukuba ubulale abantwana bami, unikele ngabo kuzo ngokubadabulisa emlilweni, na?
22. Kuzo zonke izinengiso zakho nakubo bonke ubufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, lapho wawunqunu, wawuze, wangqasha egazini lakho.
23. “ ‘Kwathi emva kwabo bonke ububi bakho -- maye, maye kuwe! isho iNkosi uJehova --
24. wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke.
25. Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.
26. Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abanyama inkulu, wandisa ubufebe ukungicunula.
27. Bheka, ngase ngelulela isandla sami kuwe, nganciphisa ukudla owakunqunyelwayo, ngakunikela entandweni yabakuzondayo, amadodakazi amaFilisti, ayenamahloni ngendlela yakho yokukhanuka.
28. Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli.
29. Wandisa ubufebe bakho kuze kubesezweni labathengi, iKalideya, kepha nangalokho awudelanga.
30. “ ‘Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho, isho iNkosi uJehova, lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo.
31. Wakha iqhugwane lakho ezingosini zezitaladi, wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, ungaba nganjengezifebe ngokudelela inkokhelo,
32. wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe.
33. Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho.
34. Wahlukene nabanye abesifazane ekufebeni kwakho ngalokho ukuthi akakho olandela wena ukuyofeba; ngokunika kwakho imivuzo, ungaphiwa imivuzo kodwa wena, ngalokho wahlukene.
35. “ ‘Ngalokho yizwa, sifebe, izwi likaJehova.
36. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho, nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakho, nangegazi labantwana bakho owabanika lona,