1. Kwafika kimi amadoda amalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami.
2. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
3. “Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na?
4. Qha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe,
5. ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’
6. “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu.
7. “ ‘Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami,
8. ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.
9. “ ‘Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi, mina Jehova ngimyengile lowo mprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe, ngimchithe phakathi kwabantu bami u-Israyeli.
10. Bayakuthwala ukona kwabo, ukona kobuzayo kube njengokona komprofethi,
11. ukuze indlu yakwa-Israyeli ingabe isaduka kimi, ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke, kepha ibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.’ ”
12. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
13. “Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,