Uhezekeli 13:2-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. “Ndodana yomuntu, profetha ngabaprofethi bakwa-Israyeli abaprofethayo, uthi kwabaprofetha okwenhliziyo yabo: ‘Zwanini izwi likaJehova.

3. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga!

4. O Israyeli, abaprofethi bakho banjengezimpungushe ezindaweni ezichithekileyo.

5. Anenyukelanga ezikhaleni, anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa-Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova.

6. Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.

7. Anibonanga umbono oyize, anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: “Kusho uJehova,” mina ngingakhulumanga, na?

8. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize, nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.

9. Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

10. “ ‘Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: “Ngukuthula,” kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe,

11. yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula.

12. Bheka, lapho ugange seluwile, akuyikushiwo kini ukuthi: “Luphi udaka enanameka ngalo na?”

13. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.

14. Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngiludilizele phansi, lunamathele emhlabathini, kwambulwe isisekelo salo; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.

15. Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: “Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo,

16. abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’

17. “Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,

Uhezekeli 13