Uhezekeli 13:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Bheka, lapho ugange seluwile, akuyikushiwo kini ukuthi: “Luphi udaka enanameka ngalo na?”

13. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.

14. Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngiludilizele phansi, lunamathele emhlabathini, kwambulwe isisekelo salo; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.

15. Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: “Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo,

16. abaprofethi bakwa-Israyeli abaprofetha ngeJerusalema, ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.” ’

17. “Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakho aprofetha okwenhliziyo yawo, uprofethe ngawo,

18. uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kwabesifazane abathungela zonke izindololwane izicamelo, benze imigubuzelo yamakhanda ezimo zonke ukuba bazingele imiphefumulo. Niyakuzingela yini imiphefumulo yabantu bami, nisindise imiphefumulo yenu,

19. nina eningingcolisa phakathi kwabantu bami ngezinkweshe zebhali* nangezingcezu zesinkwa ngokubulala imiphefumulo ebingayikufa nokusindisa imiphefumulo ebingayikuphila ngokuqamba kwenu amanga kubantu bami abalalela amanga, na?

20. “ ‘Qha! Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo lapha imiphefumulo njengezinyoni; ngiyakuzihlwitha ezingalweni zenu, ngivumele imiphefumulo ukuba ihambe, le miphefumulo eniyizingelayo njengezinyoni.

21. Ngiyakuklebhula nemigubuzelo yenu, ngibophule abantu bami esandleni senu, bangabe besababikho esandleni senu ukuba bazingelwe, nazi ukuthi nginguJehova.

22. Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,

23. ngalokho anisayikubona okuyize, ningabe nisabhula ukubhula; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”

Uhezekeli 13