1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2. “Ndodana yomuntu, profetha ngabaprofethi bakwa-Israyeli abaprofethayo, uthi kwabaprofetha okwenhliziyo yabo: ‘Zwanini izwi likaJehova.
3. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga!
4. O Israyeli, abaprofethi bakho banjengezimpungushe ezindaweni ezichithekileyo.
5. Anenyukelanga ezikhaleni, anibiyelanga nokubiyela indlu yakwa-Israyeli ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova.
6. Babonile okuyize nokubhula kwamanga abathi: “Kusho uJehova,” kepha uJehova kabathumanga, kodwa bethemba ukuthi ubeyakuqinisa izwi labo.
7. Anibonanga umbono oyize, anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: “Kusho uJehova,” mina ngingakhulumanga, na?
8. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulumile okuyize, nibonile amanga, ngalokho bhekani, ngimelene nani, isho iNkosi uJehova.
9. Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.