4. Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengokuphuma ukuya ekuthunjweni.
5. Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona.
6. Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho, ukuze ungaboni izwe, ngokuba ngikubeke ukuba ube yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.”
7. Ngenza njengokungiyala kwakhe; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla, nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.
8. Lase lifika izwi likaJehova ekuseni, lathi: