Uhezekeli 12:19-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.

20. Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”

21. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

22. “Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na?

23. Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga, bangabe besafanisa ngaso kwa-Israyeli,’ kepha khuluma kubo ngokuthi: ‘Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.

24. Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli.

25. Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ”

26. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

27. “Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.’

28. “Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’ ”

Uhezekeli 12