7. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo.
8. Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova.
9. Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.
10. Niyakuwa ngenkemba, nginahlulele emkhawulweni wakwa-Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova.
11. Lo muzi awuyikuba yikhanzi, nani aniyikuba yinyama phakathi kwalo; ngiyakunahlulela emkhawulweni wakwa-Israyeli,
12. nazi ukuthi nginguJehova, ngokuba anihambanga ngezimiso zami, nezahlulelo zami anizenzanga, kepha nenze njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo.”
13. Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”
14. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
15. “Ndodana yomuntu, abafowenu, yebo, abafowenu abayizihlobo zakho nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abashilo kubo ukuthi: ‘Dedani kuJehova; leli zwe linikiwe thina libe yifa.’
16. “Thana ngabo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’
17. “Ngalokho thana: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.’
18. “Bayakufika khona, basuse lapho konke okuzondekayo kwalo nazo zonke izinengiso zalo.
19. Ngiyakubanika inhliziyo ibe nye, ngibeke umoya omusha phakathi kwabo, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yabo, ngibanike inhliziyo yenyama
20. ukuba bahambe ngezimiso zami, bagcine izahlulelo zami, bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
21. Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela izinhliziyo zokuzondekayo kwabo nezinengiso zabo, ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo indlela yabo, isho iNkosi uJehova.”
22. Amakherubi* ayesephakamisa amaphiko awo namasondo ayeseceleni kwawo; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.