Uhezekeli 11:4-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngalokho profetha ngabo, uprofethe, ndodana yomuntu.”

5. UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.

6. Nandisile ababuleweyo benu kulo muzi, nigcwalisile izitaladi zawo ngababuleweyo.

7. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo.

8. Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova.

9. Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.

10. Niyakuwa ngenkemba, nginahlulele emkhawulweni wakwa-Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova.

11. Lo muzi awuyikuba yikhanzi, nani aniyikuba yinyama phakathi kwalo; ngiyakunahlulela emkhawulweni wakwa-Israyeli,

12. nazi ukuthi nginguJehova, ngokuba anihambanga ngezimiso zami, nezahlulelo zami anizenzanga, kepha nenze njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo.”

13. Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”

14. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

15. “Ndodana yomuntu, abafowenu, yebo, abafowenu abayizihlobo zakho nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abashilo kubo ukuthi: ‘Dedani kuJehova; leli zwe linikiwe thina libe yifa.’

16. “Thana ngabo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’

Uhezekeli 11